Back 

MAGEMA M. FUZE

Ukupuma kwabantu emakaya kwakutokozelwa ukuyanganga abesifazana abafazi nezintombi, ngoba amaHlubi esecitwa nya nguHulumeni, Kungaloko amaHlubi, noma abe eseze ahlangana nabantu balelizwe, ayengakotani ngempela nalab'abantu, ngenxa yokuba ekukumbula loko kwenza kwabantu ababekufisa ngawo. Lelolizwi lokuti amaNteshe liyanengeka kakulu kubantu balapa, ngoba noma amaHlubi ebabiza ngalo abantu akusibo bonke aba amaNteshe, kufana nenhlamba nje; kungaloko kuvamisa ukuleta ubuta pakati kwabantu nabasemaHlutshini, ngoba pela ku ukweyisa omunye ukumbiza ngalelogama.

- Magema M. Fuze, "AmaHlubi", Ilanga lase Natal, December 26, 1919.

Back